Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 13:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJoshuwa wayesemdala eneminyaka eminingi; uJehova wathi kuye: “Usumdala uneminyaka eminingi, kepha kusasele izwe elikhulu kakhulu eliyakudliwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UJoshuwa wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uSimakade wathi kuye: “Usukhulile, neminyaka yakho isihambile, liseliningi izwe okusafanele ukuba lidliwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJoshuwa wayesemdala, ehlushwe iminyaka; uJehova wathi kuye: “Usumdala, uneminyaka eminingi, kusekhona izwe eliningi ongalidla.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 13:1
12 Referans Kwoze  

“Manje bheka, uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, u-Israyeli esahamba ehlane; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla.


Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa uyakuwela phambi kwakho njengokukhuluma kukaJehova.


Kwathi emva kwalezo zinto uJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.


Kepha babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba; bobabili base bekhulile.


Kepha o-Abrahama noSara base begugile, beneminyaka eminingi; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane.


Inkosi uDavide yayisindala, ineminyaka eminingi; bayembesa ngezingubo, kepha ayifudumalanga.


“Leli liyizwe elisasele: amazwe onke amaFilisti nawo onke amaGeshuri,


“Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni laseKhanani lokhu kuyizwe eliyakuba yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo –


umkhawulo wehlele eJordani, uphume ngaseLwandle Lukasawoti; lokho kuyakuba yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.’ ”


UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Niyakuyekethisa kuze kube nini ukuya ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wawoyihlo aninike lona na?


UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite