Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 12:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Lawa angamakhosi ezwe anqotshwa nguJoshuwa nangabantwana bakwa-Israyeli ngaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, kusukela eBali Gadi esigodini saseLebanoni kuze kufike entabeni yaseHalaki eyenyukela eSeyiri, uJoshuwa walinika izizwe zakwa-Israyeli libe yifa ngokwezabelo zabo

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Lawa ngamakhosi ezwe anqotshwa nguJoshuwa nabakwa-Israyeli entshonalanga yeJordani, kusuka eBhali Gadi esigodini iLebhanoni kuya entabeni iHalakhi ekuphakama kwayo kubheke eSeyiri, uJoshuwa wanikeza izizwana zakwa-Israyeli izwe labo laba yifa lazo njengokwabelwa kwazo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Lawa angamakhosi ezwe uJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli abawahlula ngasempumalanga kweJordani ngasentshonalanga, kusukela eBali Gadi esigodini saseLebanoni kuze kufike ezintabeni zaseHalaki ezikhuphukela eSeyiri; uJoshuwa alinika izizwe zakwa-Israyeli njengefa ngokwezabelo zazo;

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 12:7
16 Referans Kwoze  

kusukela entabeni yaseHalaki kwenyukela eSeyiri, yebo, naseBali Gadi esigodini saseLebanoni ngaphansi kwentaba yaseHermoni; onke amakhosi abo wawathatha, wawagenca, wawabulala.


Wathatha-ke uJoshuwa izwe lonke njengakho konke uJehova abekukhulumile kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli libe yifa lakhe ngokwezabelo zabo nezizwe zabo. Izwe lase liphumula ekulweni.


Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani, ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho,


Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo ngaphakathi neJordani, abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.


Yala abantu ngokuthi: “Niyakudabula umkhawulo wabafowenu, abantwana bakwa-Esawu abahlala eSeyiri; bayakunesaba, kepha maniqaphele nokho,


“Sase siphenduka sahamba, saya ehlane ngendlela eya eLwandle Olubomvu, njengalokho ebeshilo kimi uJehova. Sazungeza intaba yaseSeyiri izinsuku eziningi.


nomnumzane uDishoni, nomnumzane u-Eseri, nomnumzane uDishani; yilabo abangabanumzane abavela kuwo amaHori, abanumzane ngabanumzane ezweni laseSeyiri.


Lawa angamadodana kaSeyiri umHori ayakhe kulelo zwe: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana,


U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.


UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.


namaHori entabeni yawo iSeyiri, kwaze kwaba se-Eli Pharanu ngasehlane.


uSihoni inkosi yama-Amori, no-Ogi inkosi yaseBashani, nemibuso yonke yaseKhanani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite