Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefoti Mayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, wabanqoba, wabaxosha kwaze kwaba seSidoni elikhulu, naseMisirefotimayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga; futhi babahlula kwaze kwasala noyedwa.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:8
13 Referans Kwoze  

bonke abakhileyo ezintabeni, kusukela eLebanoni kuze kube seMisirefoti Mayimi, onke amaSidoni; mina ngiyakuwaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wena-ke ulabele abakwa-Israyeli ngenkatho, libe yifa njengokukuyala kwami.


ne-Ebironi, neRehobi, neHamoni, neKhana, neSidoni Elikhulu;


kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.


UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.


nakuwo amaKhanani ngasempumalanga nangasentshonalanga, nakuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi ngaphansi kweHermoni ezweni laseMispa.


“UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle, abe sosebeni lwemikhumbi; umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.


UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti,


Wayesefika uJoshuwa nabo bonke abantu bempi benaye, babazuma ngasemanzini aseMerome, babadumela.


Yiba namahloni wena Sidoni, ngokuba lukhulumile ulwandle, inqaba yolwandle, ngokuthi: “Angibanga namihelo, angizalanga, angikhulisanga izinsizwa, angondlanga izintombi.”


nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho, uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,


Yazi-ke namuhla ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguye owela ngaphambi kwakho njengomlilo oqedayo; uyakubachitha, abanqobe, wena ubaxoshe, ubabhubhise masinyane, njengalokho ebekhuluma kuwe uJehova.


Kwathi lapho uJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli sebeqedile ukubaceka ngokuceka okukhulu kakhulu baze baqedwa, insali yabo nokho isingenile emizini ebiyelweyo,


base befika kwaGileyadi nasezweni laseTahetimi Hodishi; bafika naseDani Jahani nangaseSidoni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite