Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Aphuma wona nawo onke amabandla awo enawo, abantu abaningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Aphuma wonke namabutho awo, impikazi eyayingangesihlabathi solwandle, inamahhashi amaningi kakhulu, nezinqola zempi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Base bephuma, bona nawo onke amabutho abo kanye nabo, abantu abaningi ngangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi, namahhashi nezinqola eziningi.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:4
8 Referans Kwoze  

AbakwaMidiyani nama-Amaleki nabo bonke abasempumalanga bahlala esigodini njengesikhonyane ngobuningi; amakamela abo ayengenakubalwa, engangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi.


AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


Wathi wena: ‘Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingebalwe ngobuningi.’ ”


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.


“Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.


Onke lawo makhosi ahlangana, eza amisa ndawonye ngasemanzini aseMerome ukuba alwe no-Israyeli.


Bayathoba, bawe; kepha thina siyavuka, sime.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite