Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJoshuwa wafika ngaleso sikhathi, wanquma ama-Anaki ezintabeni eHebroni, naseDebiri, nase-Anabi, nasezintabeni zakwaJuda, nasezintabeni zakwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula kanye nemizi yawo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Ngaleso sikhathi uJoshuwa wafika wawaqotha ama-Anaki, kusuka kwelezintaba eHebhroni, eDebhiri, e-Anabhi, kulo lonke elezintaba kwaJuda, nakulo lonke elezintaba kwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula wonke nemizi yawo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngaleso sikhathi uJoshuwa wafika wawaqothula ama-Anaki ezintabeni, eHebroni, eDebiri, e-Anabi, nasezintabeni zakwaJuda, nasezintabeni zonke zakwa-Israyeli; UJoshuwa wabaqalekisa kanye nemizi yabo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:21
18 Referans Kwoze  

abantu abakhulu nabade, amadodana ama-Anaki owaziyo, ozwile ngawo ukuthi: ‘Ngubani ongema phambi kwamadodana ka-Anaki na?’


Siyakukhuphukelaphi na? Abafowethu benzile izinhliziyo zethu ziphele amandla ngokusho ukuthi: “Abantu bakhulu, bade kunathi; imizi mikhulu, ibiyelwe kuze kube sezulwini; futhi sibonile amadodana ama-Anaki khona.” ’


Ngabona, bheka, nanto ihhashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba.


“Nokho mina ngachitha ama-Amori ebusweni babo, akuphakama kwawo kwakunjengokuphakama kwemisedari,* ayenamandla njengama-oki;* kepha ngachitha nokho izithelo zawo phezulu nezimpande zawo phansi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,


Impela amagquma ayize kanye nomsindo wasezintabeni. Ngokwempela ukusindiswa kuka-Israyeli kukuJehova uNkulunkulu wethu.


Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.


Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.


abantu abakhulu, abaningi, abade njengama-Anaki; kepha uJehova wabachitha phambi kwabo; babaxosha, bakha esikhundleni sabo,


Sabona khona iziqhwaga, amadodana ka-Anaki ayela eziqhwageni; emehlweni ethu saba njengezintethe, saba njalo nasemehlweni abo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite