Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 nakuwo amakhosi angasenyakatho ezintabeni, nase-Araba ngaseningizimu kwaseKinereti, nasemathafeni, nasezintabeni zaseDori ngasentshonalanga,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 nasemakhosini asenyakatho kwelezintaba, nase-Araba eningizimu eKhinerethi, nasemathafeni, nasezintabeni eDori entshonalanga,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 nasemakhosini asenyakatho yezintaba namathafa, eningizimu yeKineroti, nasesigodini, nasentshonalanga kwaseDori,

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:2
14 Referans Kwoze  

UManase akaxoshanga abaseBeti Sheyani nemizana yalo, nabaseThahanaki nemizana yalo, nabakhe eDori nemizana yalo, nabakhe eJibileyamu nemizana yalo, nabakhe eMegido nemizana yalo; amaKhanani aphumelela ukuhlala kulelo zwe.


ne-Araba kuze kufike elwandle lwaseKinereti ngasempumalanga, kuze kube seLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, ngasempumalanga endleleni eya eBeti Jeshimoti nangaseningizimu ngaphansi kwemithambeka yasePisiga;


Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo, nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo, nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.


umkhawulo wehle eShefamu, uye eRibila ngasempumalanga kwase-Ayini, umkhawulo wehle njalo, uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga,


noBeni Abinadaba kulo lonke iNafati Dori; uThafati indodakazi kaSolomoni wayengumkakhe;


inkosi yaseDori egqumeni laseDori: inye; inkosi yaseGoyimi eGiligali: inye;


Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha,


Ngalezo zinsuku uMariya wasuka waya ngokushesha kwelezintaba emzini wakwaJuda.


nasesigodini: iBeti Haramu, neBeti Nimra, neSukoti, neSafoni, insali yombuso kaSihoni inkosi yaseHeshiboni, iJordani nogu lwalo, kuze kufike ekupheleni kolwandle lwaseKinereti phesheya kweJordani ngasempumalanga.


UJoshuwa wafika ngaleso sikhathi, wanquma ama-Anaki ezintabeni eHebroni, naseDebiri, nase-Anabi, nasezintabeni zakwaJuda, nasezintabeni zakwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula kanye nemizi yawo.


Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke, izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Amadoda aseGibeyoni athumela kuJoshuwa ekamu* laseGiligali, athi: “Ungayekethisi isandla sakho ezincekwini zakho; shesha ukhuphukele kithi usisindise, usisize, ngokuba onke amakhosi ama-Amori akhile ezintabeni asihlanganyele.”


UJoshuwa wathatha-ke lonke lelo zwe, izintaba, neNingizimu yonke, nalo lonke izwe laseGosheni, namathafa, ne-Araba, nezintaba zakwa-Israyeli, namathafa akhe,


UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite