Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Njengalokho uJehova ebemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa; noJoshuwa wenze njalo; akayekanga into neyodwa kukho konke uJehova amyala ngakho uMose.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo noMose wayala uJoshuwa; noJoshuwa wenza kanjalo; akashiyanga nakunye kukho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Njengalokho uJehova emyalile uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa, wenze njalo uJoshuwa; akenzanga lutho uJehova ayemyale ngalo uMose.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:15
24 Referans Kwoze  

Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu,


nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho, uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,


NakwaJuda sasikhona isandla sikaNkulunkulu ukubanika inhliziyonye ukuba benze isiyalezo senkosi nesezikhulu ngezwi likaJehova.


UMose wambiza uJoshuwa, wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwa-Israyeli: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo.


“Konke enginiyala ngakho, anoqaphela ukuba nikwenze; awuyikuthasisela kukho, futhi ungakunciphisi.


“Bhekani, nginifundisile izimiso nezahlulelo njengokungiyala kukaJehova uNkulunkulu wami ukuthi niyakwenza kanjalo phakathi kwezwe eningena kulo ukulidla.


Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu.


Aniyikuthasisela ezwini enginiyala ngalo, ninganciphisi futhi kulo, ukuba nigcine imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo.


“Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.


Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.


“Kodwa maye kinina baFarisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokwemifino yonke, ninganaki ukulunga nokumthanda uNkulunkulu! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nithela okweshumi kwesinkuntshane, nokwentshungu, nokodonqa, niyeke okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa! Benimelwe ukwenza lokhu, ningakuyeki nalokho.


Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.


UJoshuwa wathatha-ke lonke lelo zwe, izintaba, neNingizimu yonke, nalo lonke izwe laseGosheni, namathafa, ne-Araba, nezintaba zakwa-Israyeli, namathafa akhe,


UJehova wakhuluma kuMose emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, wathi:


niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nichithe yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo,


Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa uyakuwela phambi kwakho njengokukhuluma kukaJehova.


UJehova uyakuzinikela phambi kwenu, nenze kuzo njengemiyalo yonke enginiyale ngayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite