Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 11:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Impango yonke yale mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli baziphangela khona; kepha bachitha bonke abantu ngosiko lwenkemba baze babaqeda; abashiyanga noyedwa ophefumulayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo, abantu bakwa-Israyeli bazithathela khona; kodwa bababulala ngenkemba bonke abantu baze babaqothula; akwaze kwasala noyedwa ophefumulayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Yonke impango yaleyo mizi nezinkomo abantwana bakwa-Israyeli bazithathela yona njengempango; kodwa bababulala bonke ngosiko lwenkemba baze babaqeda, abavumelanga muntu ukuphefumula.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 11:14
12 Referans Kwoze  

Bachitha bonke ababekulo ngosiko lwenkemba, babaqothula, akusalanga noyedwa ophefumulayo; walishisa iHasori ngomlilo.


Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke, izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Izinkomo kuphela nempango yalowo muzi u-Israyeli waziphangela khona, njengezwi likaJehova amyala ngalo uJoshuwa.


kepha abesifazane, nabantwana, nezinkomo, nakho konke okusemzini, yebo, yonke impango yawo, uyakukuthatha kube yimpango yakho, uyidle impango yezitha zakho uJehova uNkulunkulu wakho akunike yona.


Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo.


“Kodwa emizini yalaba bantu uJehova uNkulunkulu wakho akunika bona babe yifa lakho awuyikusindisa lutho oluphefumulayo,


Kepha imizi eyayimi emagqumeni ayo u-Israyeli akashisanga namunye kuyo ngaphandle kweHasori kuphela; lowo uJoshuwa wawushisa.


Njengalokho uJehova ebemyalile uMose inceku yakhe, kanjalo uMose wamyala uJoshuwa; noJoshuwa wenze njalo; akayekanga into neyodwa kukho konke uJehova amyala ngakho uMose.


uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; impango yalo kuphela nezinkomo zalo niyakuziphangela khona. Wuqamekele umuzi emva kwawo.”


Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuqoqa impango kubo, bafumanisa phakathi kwabo ubuningi bengcebo nezidumbu nezinto ezinxanelekayo, bazihlubulela zona, kwaze kwangabakho ongazithwala; kwaba yizinsuku ezintathu beqoqa impango, ngokuba yayiningi kangaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite