Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 walithatha kanye nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, bayichitha ngosiko lwenkemba. Baqothula bonke ababekulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; njengalokho ebenzile kulo iHebroni, wenze njalo kulo iDebiri nakuyo inkosi yalo, njengalokho ebenzile nakulo iLibina nakuyo inkosi yalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 walidla nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo, balichitha ngenkemba, baqothula bonke abantu ababekulo, akashiyanga namunye; njengalokhu ayenzile eHebhroni, naseDebhiri nakuyo inkosi yalo, naseLibhina nakuyo inkosi yalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Yasithatha kanye lenkosi yayo kanye layo yonke imizi yayo; babatshaya ngosiko lwenkemba, baqalekisa yonke imiphefumulo eyayikulo; akabanga namuntu; njengalokho enze eHebroni, wenze njalo eDebhiri nasenkosini yalo; njengalokho enzile kulo iLibina nenkosi yalo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:39
11 Referans Kwoze  

Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo, indlu kaJosefa ibe yilangabi, indlu ka-Esawu ibe ngamabibi, bawashise, bawaqede; akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu,” ngokuba uJehova ukhulumile.


UJehu wayesebulala bonke abaseleyo bendlu ka-Ahabi eJizreyeli, nabo bonke abakhulu bakhe, nabazana naye, nabapristi bakhe, waze wangamshiyela noyedwa owasalayo.


UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefoti Mayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.


Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke, izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.


Balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, nayo yonke imizi yalo, nabo bonke ababekulo; akashiyanga noyedwa owasalayo njengakho konke abekwenzile kulo i-Egiloni, waliqothula nabo bonke abakulo.


Khona kwakhuphuka uHoramu inkosi yaseGezeri ukuba asize iLakishi; kepha uJoshuwa wambulala nabantu bakhe, akaze amshiyela noyedwa owasalayo.


“UJehova uNkulunkulu wethu wayesenikela esandleni sethu naye u-Ogi inkosi yaseBashani nabantu bakhe bonke; samnqoba, akwaze kwasala muntu kuye.


UJoshuwa wabuyela nabo bonke abakwa-Israyeli eDebiri, walwa nalo;


inkosi yaseDebiri: inye; inkosi yaseGederi: inye;


Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”


Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite