Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 uJehova walinikela nalo nenkosi yalo esandleni sakwa-Israyeli, walichitha ngosiko lwenkemba nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasala phakathi kwalo; wenza-ke kuyo inkosi yalo njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 USimakade wayinikela nayo nenkosi yayo esandleni sabakwa-Israyeli, wayichitha ngenkemba nabo bonke abantu ababekuyo, akashiyanga namunye. Wenza enkosini yaseMakheda njengoba ayenzile enkosini yaseJerikho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UJehova walinikela nenkosi yalo esandleni sakwa-Israyeli; walishaya ngosiko lwenkemba nabo bonke ababekulo; akavumelanga ukuba kusale muntu kulo; wenza enkosini yakhe njengalokho enzile enkosini yaseJeriko.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:30
12 Referans Kwoze  

UJoshuwa wasuka eMakheda nabo bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eLibina, walwa neLibina;


UJoshuwa wasuka eLibina nabo bonke abakwa-Israyeli benaye, waya eLakishi, wamisa malungana nalo, walwa nalo;


izwe linqotshwe phambi kukaJehova, khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku-Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.


UJehova uNkulunkulu wethu wamnikela phambi kwethu, samnqoba yena namadodana akhe nabantu bakhe bonke.


nalapho uJehova uNkulunkulu wakho ezinikela phambi kwakho, uzinqobe, wozichitha nokuzichitha, ungenzi isivumelwano nazo, ungabi namusa kuzo,


Kwathi lapho u-Israyeli eseqedile ukubulala bonke abakhileyo e-Ayi endle ehlane, lapho ebebaxoshele khona, bese bewe bonke ngosiko lwenkemba baze baqedwa, bonke abakwa-Israyeli babuyela e-Ayi, balichitha ngosiko lwenkemba.


Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.


Kepha bathi ukuba abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile kulo iJeriko ne-Ayi,


UJoshuwa wathatha iMakheda ngalolo suku, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, wabaqothula nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; wenza-ke kuyo inkosi yaseMakheda njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.


Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba, wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.


inkosi yaseLibina: inye; inkosi yase-Adulamu: inye;


UJehu wayesebulala bonke abaseleyo bendlu ka-Ahabi eJizreyeli, nabo bonke abakhulu bakhe, nabazana naye, nabapristi bakhe, waze wangamshiyela noyedwa owasalayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite