Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJoshuwa wathi kuzo: “Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 UJoshuwa wathi kuzo: “Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uSimakade uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJoshuwa wayesethi kubo: “Ningesabi, ningapheli amandla; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza lokhu kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:25
13 Referans Kwoze  

owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa.


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Kepha kukho konke lokho siyanqoba nokunqoba ngowasithandayo.


UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.”


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; uyakwenza kanje uJehova uNkulunkulu wakho kuzo zonke izizwe ozesabayo.


Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova, yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,


Kepha abafuna umphefumulo wami ukuwubulala bayakwehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi.


UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele ezandleni zakho; akuyikubakho muntu wabo ongema phambi kwakho.”


“Qina, ume isibindi, ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite