Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 besaba kakhulu, ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nangokuba lalilikhulu kune-Ayi, onke amadoda alo engamaqhawe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 wesaba kakhulu, ngokuba iGibheyoni yayingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nokuthi futhi inkulu kune-Ayi, namadoda wonke akhona angamaqhawe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Besaba kakhulu, ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu, njengomunye wemizi yenkosi, futhi lalilikhulu kune-Ayi, namadoda alo onke ayenamandla.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:2
16 Referans Kwoze  

Akuyikubakho muntu ongema phambi kwenu; uJehova uNkulunkulu wenu uyakubeka ingebhe novalo ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokho akhuluma kini.


Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”


Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani.


Akwesabayo omubi kuyamehlela, nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa.


UJowabe walwa neRaba labantwana bakwa-Amoni, wathatha umuzi wenkosi.


UDavide wathi ku-Akhishi: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, mabanginike indawo komunye wemizi yasemaphandleni ukuba ngihlale khona, ngokuba inceku yakho izakuhlalelani nawe emzini wenkosi na?”


Bonke abantu bomhlaba bayakubona ukuthi ubiziwe ngegama likaJehova, bakwesabe.


Kepha bathi ukuba abakhileyo eGibeyoni bezwa lokho uJoshuwa ayekwenzile kulo iJeriko ne-Ayi,


Namuhla ngiyakuqala ukubeka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, eziyakuzwa indaba yakho, zithuthumele, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke, achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu, sakwenza lokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite