Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lawo makhosi omahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Lawo makhosi ayisihlanu abaleka, ayocasha emgedeni eMakheda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa lawo makhosi amahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:16
17 Referans Kwoze  

Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba;


Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathini ezindaweni zazo ezivalelweyo, bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu, besabe ngenxa yakho.


Noma befohla endaweni yabafileyo, isandla sami siyakubakhipha khona; noma bekhuphukela ezulwini, ngiyakubehlisa khona.


Naye uDavide wasuka ngasemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.


Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.


Isandla sakwaMidiyani samahlula u-Israyeli; ngenxa yakwaMidiyani abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imihume yasezintabeni, nemigede, nezinqaba.


Ngalokho amakhosi ayisihlanu ama-Amori, inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni, ahlangana, akhuphuka, wona nawo onke amabandla awo, amisa malungana neGibeyoni, alwa nalo.


UJoshuwa wabuyela ekamu* laseGiligali, bonke abakwa-Israyeli benaye.


Kwabikwa kuJoshuwa ukuthi: “Lawo makhosi omahlanu afunyanisiwe ecashile emhumeni waseMakheda.”


Amakhosi ezimpi ayabaleka; ayabaleka wona; isifazane esihlezi ekhaya sabela impango.


Nxa nilala phakathi kwezibaya, kunjengamaphiko ejuba asibekelwa ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo ngegolide elikhazimulayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite