Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 10:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJehova wabangquzula ngaphambi kuka-Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 USimakade wabathela ngokudideka phambi kuka-Israyeli, owacekela phansi abaningi eGibheyoni, wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBhethi Horoni, wabacekela phansi ngenkemba kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJehova wabavusa phambi kuka-Israyeli, wababulala eGibeyoni ngokuceka okukhulu, wabaxosha endleleni ekhuphukela eBeti Horoni, wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 10:10
29 Referans Kwoze  

Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa.


Umkhawulo wabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo wawunje: umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi-Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla;


sehlela ngasentshonalanga emkhawulweni wamaJafeleti kuze kube semkhawulweni weBeti Horoni laseNzansi naseGezeri; ukuphuma kwaso kwakuselwandle.


Ngokuba uJehova uyakusukuma njengasentabeni yasePherasimi, athukuthele njengasesigodini saseGibeyoni, ukuze enze umsebenzi wakhe, umsebenzi wakhe ongavamile, afeze isenzo sakhe, isenzo sakhe esimangalisayo.


UJehova wamngquzula uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngosiko lwenkemba phambi kukaBaraki; uSisera wehlika enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.


neJarimuthi, ne-Adulamu, neSoko, ne-Azeka,


Kwathi besabalekela u-Israyeli behla eBeti Horoni, uJehova wawisa phezu kwabo amatshe amakhulu, ehla ezulwini, baze bafika e-Azeka, bafa; babe baningi abafa ngesichotho kunababulawa ngu-Israyeli ngenkemba.


lapho impi yenkosi yaseBabele ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eseleyo, iLakishi ne-Azeka, ngokuba yiyo eyayisele phakathi kwemizi yakwaJuda iyimizi ebiyelweyo.


Waxosha abezizwe phambi kwabo; edabula izwe wababela ifa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.


Ngokuba abalidlanga izwe ngenkemba yabo, nengalo yabo ayibasindisanga; kepha kwaba yisandla sakho sokunene, nengalo yakho, nokukhanya kobuso bakho, ngokuba wawubathanda.


UJehova wawashaya amaKushe phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda; amaKushe abaleka.


esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBeti Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emkhawulweni obheka esigodini saseSeboyimi ngasehlane.


neKibisayimi namadlelo alo, neBeti-Horoni namadlelo alo, imizi mine.


neGederoti, neBeti Dagoni, neNahama, neMakheda, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.


inkosi yaseMakheda: inye; inkosi yaseBethele: inye;


UJehova wabanikela esandleni sakwa-Israyeli, babanqoba, babaxosha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefoti Mayimi, nasesigodini saseMispa ngasempumalanga, bababulala, abaze bamshiyela noyedwa owasalayo.


UJoshuwa wathatha iMakheda ngalolo suku, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo, wabaqothula nabo bonke abakulo, akashiyanga noyedwa owasalayo; wenza-ke kuyo inkosi yaseMakheda njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko.


Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzinikela phambi kwakho, azingquzule ngokungquzula okukhulu, zize zichithwe.


UJoshuwa wabafikela ngokuzumayo; wakhuphuka eGiligali ubusuku bonke.


AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe; abuthana eSoko lakwaJuda, amisa phakathi kweSoko ne-Azeka e-Efesi Damimi.


Wathuma imicibisholo, wabangquzula, yebo, nonyazi, wabadidizelisa.


USolomoni wakha iGezeri neBeti Horoni laseNzansi,


Nxa uSomandla ehlakaza amakhosi kulo, likhithika iqhwa eSalimoni.


Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu.


Kwaliwa ezulwini; izinkanyezi ezindleleni zazo zalwa noSisera.


Kepha abantu bempi ababebuyiselwe emuva ngu-Amasiya ukuba bangaphumi impi naye baphundla imizi yakwaJuda kusukela eSamariya kuze kube seBeti Horoni, babulala kuyo izinkulungwane ezintathu, bathatha impango eningi.


UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo, abonakalise ukwehla kwengalo yakhe ngokuvutha kolaka lwakhe, nangelangabi lomlilo oqothulayo, ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


UJehova uyakuphuma, alwe nalabo bezizwe njengasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite