Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho; kodwa wozindla ngayo imini nobusuku, ukuze wenze ngokucophelela njengakho konke okulotshwe kuyo;

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:8
40 Referans Kwoze  

Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho.


Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova, dwala lami nomhlengi wami.


Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke, niyalane ngamahubo, nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya, nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.


Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,


“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.


Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”


Kepha yena wathi: “Yebo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


“Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.


Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.


“Asibo bonke abashoyo kimi ukuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kuphela owenza intando kaBaba osezulwini.


Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.


Qina kuphela, ume isibindi kakhulu, uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami, ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.


Cha, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze.


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo, ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.


“Mina-ke, lokhu kuyisivumelwano sami nabo,” usho uJehova, “sokuthi umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho,” usho uJehova, “kusukela manje kuze kube phakade.”


“Niyakuqaphela ukwenza njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphenduki ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


lapho wonke u-Israyeli efike ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha, wofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke ezindlebeni zakhe.


Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.


Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi.


Ukulunga kwakho angikuthukusanga enhliziyweni yami; ngashumayela ukukholeka kwakho nensindiso yakho; umusa wakho neqiniso lakho angikufihlelanga ibandla elikhulu.


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela.


Kwathi lapho uMose eseqedile ukuloba amazwi alo mthetho encwadini aze aphela,


Ngasemuva wafunda onke amazwi omthetho, isibusiso nesiqalekiso, njengakho konke okulotshiwe encwadini yomthetho.


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde, uqaphele ukuzenza.


sathatha izwe lakubo, salinika laba yifa labakwaRubeni, nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.


Wayelokhu emfuna uNkulunkulu emihleni kaZakariya owafundisa ekumesabeni uJehova; emihleni yokumfuna kwakhe uJehova, uNkulunkulu wamhlahlamelisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite