Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Omkenu, nabantwana benu, nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina maqhawe anamandla, nibasize,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Omkenu nabantwana benu nemfuyo yenu kuyakusala ezweni uMose aninika lona, elingaphesheya kweJordani. Kepha nina niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, nonke nina maqhawe anamandla niyakubasiza,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Umkenu, nabantwana benu, nemfuyo yenu kuyakuhlala ezweni uMose aninika lona phesheya kweJordani; kodwa kufanele nidlule nihlomile phambi kwabafowenu, wonke amaqhawe anesibindi, futhi nibasize;

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:14
9 Referans Kwoze  

Nowesifazane wayembethe okububende nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele*, ephethe isitsha segolide ngesandla sakhe, sigcwele amanyala nokungcolileyo kobufebe bakhe,


Izinduna ziyakukhuluma futhi kubantu, zithi: ‘Ngumuphi umuntu owesabayo onenhliziyo edangeleyo na? Makahambe, abuyele endlini yakhe, funa izinhliziyo zabafowabo zincibilike njengenhliziyo yakhe.’


Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle Olubomvu; abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.


Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi,


Kepha omkenu, nabancane benu, nezinkomo zenu – ngiyazi ukuthi ninezinkomo eziningi – bayakuhlala emizini yenu engininike yona,


“Khumbulani izwi aniyala ngalo uMose inceku kaJehova, ethi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uyakuniphumuza, aninike leli zwe.’


uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.”


Wazikhethela isabelo sokuqala, ngokuba sasigodliwe lapho isabelo somahluleli; wahamba nezinhloko zabantu, wafeza ukulunga kukaJehova, nezahlulelo zakhe kanye no-Israyeli.”


Abantwana bakwaRubeni, nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite