Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Dabulani phakathi kwekamu,* niyale abantu, nithi: ‘Zilungiseleni umphako, ngokuba emva kwezinsuku ezintathu niyakuwela leli Jordani, ningene ukuba nilidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona ukuba nilizuze.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “Dabulani enkanjini, niyale abantu ukuba balungise umphako, ngokuba ezinsukwini ezintathu nizowela iJordani, ukuba ningene, nidle izwe uSimakade aninika lona ukuba libe ngelenu.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Dlulani phakathi kwempi, niyale abantu, nithi: Zilungiseleni ukudla; ngoba phakathi kwezinsuku ezintathu lizakudabula leli Jordani ukuze lingene ukulidla ilizwe uJehova uNkulunkulu wenu azalinika lona ukuba ngilidle.

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:11
9 Referans Kwoze  

“Yizwa, Israyeli: Wena uyakuwela iJordani namuhla, ungene udle izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,


“Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.


Uyakusiphilisa ngezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile phambi kwakhe.


Kwathi emva kwezinsuku ezintathu izinduna zadabula phakathi kwekamu.*


Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukulidla izwe uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nilidle, nihlale kulo.


babe sebelungile ngosuku lwesithathu; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke.


“UMose inceku yami ufile; ngalokho suka uwele leli Jordani, wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.


UJoshuwa wayeseyala izinduna zabantu, ethi:


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite