Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoshuwa 1:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Emveni kokufa kukaMose, inceku kaSimakade, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni inceku kaMose, wathi:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, indodana kaNuni, inceku kaMose, wathi:

Gade chapit la Kopi




UJoshuwa 1:1
29 Referans Kwoze  

UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engalifungela bona; mina ngiyakuba nawe.”


Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa uyakuwela phambi kwakho njengokukhuluma kukaJehova.


uJoshuwa indodana kaNuni omi phambi kwakho uyakungena khona; mqinise wena, ngokuba uyakumenza u-Israyeli adle ifa lalo.


Wasuka uMose nenceku yakhe uJoshuwa; uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.


UPawulu, inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,


obaba benoJoshuwa balamukela, balingenisa ezweni lezizwe azixoshayo uNkulunkulu ebusweni bawobaba, kwaze kwaba semihleni kaDavide


Wayesefela khona ezweni lakwaMowabi uMose inceku kaJehova njengezwi likaJehova.


Kepha uJehoshafati wathi: “Akakho lapha umprofethi kaJehova ukuba sibuze kuJehova ngaye na?” Enye yezinceku zenkosi yakwa-Israyeli yaphendula yathi: “Ukhona u-Elisha indodana kaShafati owathela amanzi ezandleni zika-Eliya.”


uyakumgcoba uJehu indodana kaNimishi abe yinkosi kwa-Israyeli, umgcobe u-Elisha indodana kaShafati wase-Abela Mehola abe ngumprofethi esikhundleni sakho.


UMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli babebabulele; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.


Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:


Yilawo amagama amadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe. UMose wambiza uHosheya indodana kaNuni ngokuthi uJoshuwa.


Owesizwe sakwa-Efrayimi: uHosheya indodana kaNuni.


Inceku yami uMose akanjalo; uthembekile endlini yami yonke;


UJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaMose, owabakhethiweyo bakhe, waphendula wathi: “Nkosi yami, Mose, benqabele.”


nophilayo; ngangifile, bheka, sengingophilayo kuze kube phakade naphakade, futhi nginezihluthulelo zokufa nezeHayidese*.


UJakobe, inceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu, uyakhonza kuzo izizwe eziyishumi nambili ezihlakazekileyo.


UPawulu, inceku kaNkulunkulu nomphostoli kaJesu Kristu ngokokukholwa kwabakhethiweyo bakaNkulunkulu nangokokwazi iqiniso elingokokukhonza uNkulunkulu,


“Othembekile kokuncinyane uthembekile nakokukhulu; ongalungile kokuncinyane kalungile nakokukhulu.


nangesandla sonke esinamandla nangayo yonke ingebhe enkulu akwenza uMose emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.


“UMose inceku yami ufile; ngalokho suka uwele leli Jordani, wena nalaba bantu bonke, niye ezweni engibanika lona abantwana bakwa-Israyeli.


uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.”


Ibandla lonke lababuyileyo ekuthunjweni lenza amadokodo, lahlala emadokodweni, ngokuba kusukela ezinsukwini zikaJeshuwa, indodana kaNuni, kuze kube yilolo suku abantwana bakwa-Israyeli babengenzanga kanjalo. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite