Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 4:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Wayesethi uNkulunkulu kuJona: “Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube sekufeni.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UNkulunkulu wasesithi kuJona: Kuhle yini ukuthi uthukuthelele umhlakuva? Wathi: “Kuhle ukungithukuthelela kuze kube sekufeni.”

Gade chapit la Kopi




UJona 4:9
13 Referans Kwoze  

Wena ozidwengula olakeni lwakho, umhlaba uyakushiywa ngenxa yakho, nedwala lisuswe endaweni yalo, na?


Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.


Kwathi lapho emcindezela yonke imihla ngamazwi akhe, emgqugquza, wakhathazeka umphefumulo wakhe kwaze kwaba sekufeni.


Ngaleyo mihla abantu bayakufuna ukufa, bangaze bakufumana; futhi bayakufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.


Ngokuba ukudabuka okuya ngokukaNkulunkulu kuveza ukuphenduka angezisole ngakho umuntu, kube ngukusindiswa, kepha ukudabuka okuya ngokwezwe kuveza ukufa.


Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.”


Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi usashaywa, ungachezukiswa ngobuningi bamahlawulo.


Kepha lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela.


Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Wayesethi uJehova: “Wena wawuhawukela umhlakuva ongawukhandlekelanga nongawukhulisanga, owamila ebusuku bunye, wabhubha ebusuku bunye;


U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme, ethukuthele ngenxa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli; ngokuba wayeshilo ukuthi: “Angiyikukunika ifa lawobaba.” Walala embhedeni, waphendula ubuso, akadlanga lutho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite