Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kwathi ekuphumeni kwelanga, uNkulunkulu walungisa umoya wasempumalanga onamandla; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waquleka, wafuna ukufa phakathi kwakhe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”

Gade chapit la Kopi




UJona 4:8
23 Referans Kwoze  

ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Kepha wasishulwa ngokufutheka, waphonselwa phansi, umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo; isiqu sawo esiqinileyo saphulwa, sabuna, umlilo wasiqeda.


Ilanga aliyikukushaya emini nenyanga ebusuku.


Kabasayikulamba, kabasayikoma kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni,


“Bonke engibathandayo ngiyabasola, ngibalaye; ngakho-ke shisekela uphenduke.


Abayikulamba, abayikoma, abayikushaywa yisifudumezi nelanga, ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola, abayise emithonjeni yamanzi.


UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Kodwa uJehova waphonsa umoya omkhulu elwandle, kwaba yisiphepho esikhulu elwandle; kwacatshangwa ukuthi umkhumbi uyakwaphulwa.


Ningangibuki ukuthi ngimnyamana, ngokuba ilanga lingifusile. Amadodana kamame angifutha, angenza umlindizivini, kepha isivini esingesami angisilindanga.


Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo.


Kepha wathi kuye: “Ukhuluma njengalokhu owesifazane oyisiwula ekhuluma. Siyakwamukela okuhle kuphela kuNkulunkulu, singamukeli nokubi, na?” Kukho konke lokho uJobe akonanga ngomlomo wakhe.


USamuweli wayesemtshela konke, akamfihlelanga lutho. Wathi: “NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe.”


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


bathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora linye nje, ubalinganise nathi esithwalile ubunzima nesifudumezi semini.’


Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.”


“Noma enezithelo phakathi kwabafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaJehova ovela ehlane; besewujabha umthombo, isiphethu sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, zonke izinto ezinxanelekayo.


Wayesethi uNkulunkulu kuJona: “Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube sekufeni.”


Bheka, nezikhwebu eziyisikhombisa ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.


U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme, ethukuthele ngenxa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli; ngokuba wayeshilo ukuthi: “Angiyikukunika ifa lawobaba.” Walala embhedeni, waphendula ubuso, akadlanga lutho.


ukuze umphefumulo wami ukhethe ukuklinywa nokufa kunalawa mathambo ami.


Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite