Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 kepha bambozwe ngendwangu yamasaka, umuntu nesilwane, kukhalwe kuNkulunkulu ngamandla, yebo, kubuyiswe yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obusezandleni zakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 kodwa abantu nemfuyo makwembathe amasaka, kukhulekwe kakhulu kuSimakade, kube yilowo nalowo aphenduke, ashiye ububi nobudlova bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha umuntu nezilwane makubembeswe izingubo zokulila, kukhale kuNkulunkulu ngamandla; yebo, mababuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi nasebudloveni obusezandleni zabo.

Gade chapit la Kopi




UJona 3:8
23 Referans Kwoze  

Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi, yathi: “Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.”


Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu,


Ayesekhala kuJehova, athi: “Siyakuncenga: masingabhubhi ngenxa yalo muntu, ungabeki phezu kwethu igazi elingenacala, ngokuba wena Jehova wenzile njengokuhlosa kwakho.”


Ubulembu babo abuyikuba yizingubo, futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo; isenzo sendluzula sisezandleni zabo.


kodwa ngamemezela kuqala kwabaseDamaseku nakwabaseJerusalema, nakulo lonke izwe laseJudiya nakwabezizwe ukuba baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.


Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe isiluleko sami, unqamule izono zakho ngokulunga, nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe kungelulwa ukuthula kwakho.”


Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’


“Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, nginibumbela okubi, ngiceba icebo ngani; buyani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’


“Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na?


Ngiyakubanika ofakazi bami ababili ukuba baprofethe izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha bembethe indwangu yamasaka.”


noma kungekho ubudlova ezandleni zami nokukhuleka kwami kulungile.


Uyavulela izindlebe zabo ukulaywa, asho ukuba babuye ebubini.


lapho kwathiwa: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade,


Mhlawumbe bayakulalela, baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngibuye kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.


Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa konke okubi engicabanga ukukwenza kuyo ukuba ibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngiyithethelele amacala ayo nezono zayo.”


Ngcwelisani ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni, endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite