Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 2:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngehla ngasemikhawulweni yezintaba; imigoqo yomhlaba yayisemva kwami kuze kube phakade. Kepha wakhuphula ukuphila kwami egodini, Jehova Nkulunkulu wami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Ngazika ngafinyelela ezisekelweni zezintaba, endaweni yabafileyo. Izinsika zomhlaba zangivalela phakade; kepha Wena, Simakade Nkulunkulu wami, wayophula impilo yami emgodini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngehlela phansi kwezintaba; umhlaba nemigoqo yawo wawungizungeza kuze kube phakade; Nokho ukuphakamisile ukuphila kwami ekonakaleni, Jehova Nkulunkulu wami.

Gade chapit la Kopi




UJona 2:6
25 Referans Kwoze  

Jehova, umphefumulo wami uwukhuphulile endaweni yabafileyo, wangiphilisa phakathi kwabashona emgodini.


Ngokuba awuyikunikela umphefumulo wami endaweni yabafileyo; awuyikuvuma ukuba ongcwele wakho abone ukubola.


Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.


Izintaba ziyakubona, zithuthumele; isikhukhula samanzi siyadlula; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo.


Uyema, uzamazamisa umhlaba; ubuka, uthuthumelisa izizwe; izintaba zaphakade ziyahlakazwa, namagquma amandulo akhothama yizindlela zakhe zaphakade.


Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngezikalo* namagquma ngezisindo, na?


Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona.


Wawumboza ngolwandle njengengubo; amanzi ema phezu kwezintaba.


yena omisa izintaba ngamandla akhe, obhince amandla;


Wena Nkulunkulu uyakubaphonsa egodini lokubhubhisa; abantu begazi nenkohliso abayikufinyelela nasenxenyeni yezinsuku zabo; kepha mina ngizakwethemba wena.


“Kukhona nzuzoni egazini lami nasekushoneni kwami egebeni na? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na?


uhlengile umphefumulo wami ukuba ungadluleli egodini; ngiyakubona ukukhanya ngiphila.’


uNkulunkulu abeseba nomusa kuye, athi: ‘Mkhulule ukuba angehleli egodini, sengitholile ihlawulo,’


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


Nami-ke ngithi kuwe: Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese* awayikulahlula.


Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela.


Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi.


Ngathi: “Ngiphakathi nezinsuku zami ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo, ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.”


ngiyakukwehlisa nabehlela egodini, kubantu basendulo, ngikuhlalise ekujuleni komhlaba kanye nabehlela egodini njengasezindaweni ezichithekileyo kwasendulo, ukuze ungahlalwa, ngisabeka udumo ezweni labaphilayo.


ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini, yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu, kwabehlelayo egodini.


Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite