Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 2:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngathi mina: ‘Ngixoshiwe emehlweni akho;’ nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngase ngithi: ‘Ngixoshiwe ebusweni bakho, nokho ngiyobuye ngilibone ithempeli lakho elingcwele.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngase ngithi: Ngilahliwe ebusweni bakho; nokho ngiyakubuye ngibheke ithempeli lakho elingcwele.

Gade chapit la Kopi




UJona 2:4
20 Referans Kwoze  

Mina-ke ngithe ovalweni lwami: Ngixoshiwe emehlweni akho; nokho walizwa izwi lokunxusa kwami ekukhaleni kwami kuwe.


Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele.


Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.


uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lokuthunjwa kwabo, lapho bebathumbele khona, bakhuleke bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise, nomuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,


UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.


Ngiyakunilahla ebusweni bami, njengalokho ngabalahla bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.’


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli; bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, ithemba lethu liphelile, sinqunyiwe.’


Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


Kepha iSiyoni lithi: “UJehova ungishiyile, iNkosi ingikhohliwe.”


ngiyakumnquma u-Israyeli ezweni engimnike lona; nale ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, u-Israyeli abe yisaga nesifenqo phakathi kwabantu bonke.


uma bephendukela kuwe ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo ezweni lezitha zabo ezabathumba, bakhuleke kuwe bebhekene nezwe lakubo owalinika oyise, umuzi owukhethileyo, nendlu engiyakhele igama lakho,


ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo lapho ebeseza ukukhuleka kule ndlu,


“Lapho umphefumulo wami waphela amandla phakathi kwami, ngamkhumbula uJehova; umkhuleko wami wangena kuwe ethempelini lakho elingcwele.


Emini uJehova uyaleza umusa wakhe; ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi, ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.


Ungibekile emgodini ojulile kunayo yonke, ebumnyameni, otweni.


Kuyangisinda ukuthukuthela kwakho; amadlambi akho onke ayangicindezela phansi. Sela*


Amanzi aminzisa ikhanda lami. Ngathi: “Nginqunyiwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite