Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 2:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 wathi: “Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula; ngisesiswini sendawo yabafileyo ngamemeza, wezwa izwi lami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 wathi: “Ngakhala kuSimakade ngisengozini, ngicindezelekile, Yena wangiphendula. Ngisezinzulwini kwelabafileyo, ngakhala ngicela usizo, Wena walizwa izwi lami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 wathi: “Ngakhala kuJehova ngenxa yokuhlupheka kwami, yangizwa; ngisemathunjini abafileyo ngakhala, wezwa izwi lami.

Gade chapit la Kopi




UJona 2:2
26 Referans Kwoze  

Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuJehova, wangiphendula.


Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso.


Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami, ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.


owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.


Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo bangibamba; ngafumana ukuhlupheka nosizi.


Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.


Ngiphendule ekukhaleni kwami, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ekucindezelweni wangenzela indawo; yiba nomusa kimi, uzwe umkhuleko wami.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi, zonke izikhulu zomhlaba, isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.


Wena ozwayo imikhuleko, beza kuwe bonke abantu.


Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba, lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.


Ngokuba awuyikunikela umphefumulo wami endaweni yabafileyo; awuyikuvuma ukuba ongcwele wakho abone ukubola.


Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,* futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho abone ukubola.


Ungasho ukuthi incekukazi yakho ingowesifazane omubi, ngokuba kungobuningi bosizi lwami nangokuncokolozwa kwami ngikhulumile kuze kube manje.”


Ngalibiza igama lakho, Jehova, ngisemgodini phansi.


ngiyakukwehlisa nabehlela egodini, kubantu basendulo, ngikuhlalise ekujuleni komhlaba kanye nabehlela egodini njengasezindaweni ezichithekileyo kwasendulo, ukuze ungahlalwa, ngisabeka udumo ezweni labaphilayo.


ukuba kungabikho muthi ngasemanzini okhukhumala ngokuphakama kwawo, ungabeki isihloko sawo emafwini, yebo, nenamandla ingemi ngokuziphakamisa, yonke ephuze amanzi; ngokuba yonke inikelwe ekufeni kokuphansi komhlaba phakathi kwabantwana babantu, kwabehlelayo egodini.


Lapho esekuhluphekeni, wanxusa kuJehova uNkulunkulu wakhe, wazithoba kakhulu phambi kukaNkulunkulu wawoyise.


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite