Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 2:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJehova wakhuluma kuyo inhlanzi, yamhlanzela uJona emhlabathini owomileyo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 USimakade wayiyala inhlanzi ukuba imhlanze uJona, yase imkhafulela emhlabathini owomileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJehova wakhuluma enhlanzini, yamkhafulela uJona emhlabathini owomileyo.

Gade chapit la Kopi




UJona 2:10
18 Referans Kwoze  

Ngokuba wakhuluma, kwaba khona; wayaleza, kwema khona.


UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


Ngalokho ekufikeni kwami kwaba ngani ukuba kungabikho muntu, nasekubizeni kungabikho ophendulayo, na? Isandla sami sifinyeziwe nokufinyezwa, ukuze singahlengi na? Noma angisenamandla okophula na? Bheka, ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane; izinhlanzi zalo ziyanuka, ngokuba awakho amanzi, ziyafa ukoma.


UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya.


Wakhuluma, kwavela isikhonyane nezinkumbi ezingenakubalwa.


Wakhuluma, kwavela izibawu nezinsensane eminceleni yabo yonke.


UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka,


UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni,” kwaba njalo.


UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo,” kwaba njalo.


UNkulunkulu wenza umkhathi, wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo.


Izwi likaJehova lafika kuJona ngokwesibili, lathi:


Abamnene bayakudla, basuthe; abafuna uJehova bayakumdumisa; inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.


UJehova uyakungisindisa; ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambo zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.


Mina, mina nginguJehova, ngaphandle kwami akakho umsindisi.


“Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe; ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu, nomsindisi akakho ngaphandle kwami.


I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite