Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kepha uJona wasuka ukuba abalekele eTharishishi ebusweni bukaJehova, wehlela eJopha; wathola umkhumbi owawuya eTharishishi, wakhokha imali yokugibela, wangena kuwo, ukuze ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.

Gade chapit la Kopi




UJona 1:3
35 Referans Kwoze  

neMe Jarikhoni, neRakhoni, kanye nomkhawulo malungana neJafo.


Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene.


EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho.


Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki.


Wakhuleka kuJehova, wathi: “Ngiyakuncenga, Jehova; lokho kwakungesilo izwi lami ngisekhona ezweni lakithi na? Ngalokho ngakwandulela ngokubalekela eTharishishi, ngokuba ngiyazi ukuthi unguNkulunkulu onomusa nobumnene, wephuza ukuthukuthela, unesihe esikhulu, uzisola ngokubi;


Welani niye eTharishishi; klewulani nina enakhileyo ngasogwini.


Isiprofetho ngeTire. Klewulani nina, Mikhumbi yaseTharishishi, ngokuba lichithekile; indlu ayisekho, nokungena akusenakwenzeka; kwambulelwe kubo kuvela ezweni laseKitimi.


Esezwile lokho wasuka, wahamba ukuba asinde, waya eBeri Sheba elingelakwaJuda, washiya khona inceku yakhe.


abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade, basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe,


Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!


“Ngalokho, nkosi Agripha, angibanga ngongawulaleliyo umbono wasezulwini,


“ ‘ITharishishi lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; benana impahla yakho ngesiliva nangensimbi nangethini* nangomthofu.


Dabula izwe lakho njengeNayile, ndodakazi yaseTharishishi; akusekho bhande.*


Wathi uJehova kuSathane: “Bheka, konke anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho.” Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.


Thina siyakugawula imithi eLebanoni njengokuswela konke kwakho, siyiyise kuwe eJopha elwandle ngezihlenga, wena uyikhuphulele eJerusalema.”


Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini.


Kodwa uJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeke isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.”


UMoya wayesengiphakamisa, wangisusa; ngahamba nginomunyu ngokufutheka komoya wami; isandla sikaJehova saba namandla phezu kwami.


Iziqhingi ziyangihlalela, imikhumbi yaseTharishishi kuqala, ukuletha amadodana akho evela kude, enesiliva negolide lawo kulo igama likaJehova uNkulunkulu wakho nakoNgcwele ka-Israyeli, ngokuba uyakudumisa.


naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi, naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo.


Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.


Wangena khona emhumeni, walala khona. Bheka, kwafika kuye izwi likaJehova; wathi kuye: “Wenzani lapha, Eliya, na?”


Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.


Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.”


Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi.


Banika nababazi bamatshe imali kanye nababazi bemithi; banika amaSidoni nabaseTire ukudla nokuphuza namafutha ukuba balande imisedari* eLebanoni, bayiyise elwandle eJopha ngemvume kaKoresi inkosi yasePheresiya kubo.


Behlela elwandle ngemikhumbi, bathengiselana emanzini amakhulu.


nezingcwecwe zesiliva ezilethwe zivela eTharishishi negolide lase-Ofiri, umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi, kugqokiswe okuluhlaza nokububende, kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.


Base besaba abantu ngokwesaba okukhulu, bathi kuye: “Kuyini lokhu okwenzileyo na?” Ngokuba base bazi ukuthi ubalekile ebusweni bukaJehova, lokhu ebatshelile.


“Ngalokho ukolweni, nebhali,* namafutha, newayini, inkosi yami ekhulume ngakho, mayikuthume kuzo izinceku zayo.


Ngokuba inkosi yayinemikhumbi eyaya eTharishishi kanye nezinceku zikaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.*


Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikukhulumayo kuwe, ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite