Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 1:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Phuthuma uye emzini omkhulukazi, iNineve, umemezele kuwo ukuthi ububi bawo sebenyuke baze bafika phambi kwami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze ngawo; ngoba ububi babo bukhuphukele phambi kwami.

Gade chapit la Kopi




UJona 1:2
24 Referans Kwoze  

Waphuma kulelo zwe, waya e-Asiriya, wakha iNineve, neRehoboti-Ire, neKhala,


Isiprofetho ngeNineve, incwadi yombono kaNahume wase-Elikoshi.


mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”


“Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.”


“Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi, uliphakamise izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.


ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.


Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe.


Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bangabahlubuki.


ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu zandile ngaphezu kwamakhanda ethu, namacala ethu akhulile kuze kube sezulwini.


Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti.


Niyakuyiswa nangaphambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo nakwabezizwe.


Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona.


Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.


Lapho ngithi: “Angisayikumkhumbula, ngingasakhulumi egameni lakhe,” kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo, uvalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukubekezela, angikwazi.


Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.


Wayesesuka uJona, waya eNineve njengezwi likaJehova. INineve lalingumuzi omkhulu kakhulu, uhambo lwezinsuku ezintathu.


Kepha kwakukhona lapho umprofethi kaJehova ogama lakhe lalingu-Odedi; waphuma ukuhlangabeza impi eyayiza eSamariya, wathi kubo: “Bhekani, ngokuba uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wayethukuthelele uJuda, wabanikela esandleni senu, kepha nina nibabulele ngokufutha okufinyelele nasezulwini.


Akukho ukupholiswa kokwaphulwa kwakho; umvimbo wakho unzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya izandla ngawe, ngokuba ngubani ububi bakho obungadlulelanga njalo phezu kwakhe na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite