Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJona 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Base besaba abantu ngokwesaba okukhulu, bathi kuye: “Kuyini lokhu okwenzileyo na?” Ngokuba base bazi ukuthi ubalekile ebusweni bukaJehova, lokhu ebatshelile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Athi angezwa lokhu amatilosi esaba kakhulu, ayesethi kuye: “Wenzeni na?” (Ambuza kanjalo ngoba ayazi ukuthi ubalekela uSimakade ngoba wayeke wawaxoxela ngaphambilini.)

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Khona-ke amadoda esaba kakhulu athi kuye: “Ukwenzeleni lokhu? Ngokuba amadoda azi ukuthi ubalekile ebusweni bukaJehova, ngokuba wayeshilo kuwo.

Gade chapit la Kopi




UJona 1:10
8 Referans Kwoze  

Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.


Uyacibishelwa engahawukelwa; uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe.


Kuthe uPilatu ezwa lelo zwi, kwayikhona esaba kakhulu,


Wayesethi uJowabe enkosini: “UJehova uNkulunkulu wakho makenezele kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho, kubonwe ngamehlo enkosi yami, inkosi; kepha inkosi yami, inkosi, yenamelelani le nto na?”


UJoshuwa wayesethi: “Usihlupheleni na? UJehova uzakukuhlupha namuhla.” Bonke abakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe; babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.


Base bethi kuye: “Siyakwenze njani kuwe, ukuze ulwandle luthule kithina,” ngokuba ulwandle luyaqhubeka lube nesivunguvungu.


UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: “Yini lokhu okwenzileyo na?” Owesifazane wathi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite