Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 9:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 yena ogudluza izintaba ngokungazeleli, ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Yena ogudluza izintaba, zingazi, Yena ozigumbuqela ngentukuthelo yakhe,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 abanyakazisa izintaba, bona abazi; obagumbuqela ngentukuthelo yakhe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 9:5
23 Referans Kwoze  

kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nobhici, nendlala izindawo ngezindawo, kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.


Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka;


Ngalelo hora kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, kwawa okweshumi komuzi, nangokuzamazama komhlaba kwabulawa abantu abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nabaseleyo bashaywa luvalo, bamdumisa uNkulunkulu wezulu.


Izintaba ziyakubona, zithuthumele; isikhukhula samanzi siyadlula; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo.


nezulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, nezintaba zonke neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo.


UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka;


Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho.


“Ungubani wena ntaba enkulu? Phambi kukaZerubabele uyakuba yithafa; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: ‘Umusa, mawube kulo!’ ”


Uyema, uzamazamisa umhlaba; ubuka, uthuthumelisa izizwe; izintaba zaphakade ziyahlakazwa, namagquma amandulo akhothama yizindlela zakhe zaphakade.


Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe, walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo, wahlanganisa uthuli esilinganisweni, walinganisa izintaba ngezikalo* namagquma ngezisindo, na?


nani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama, nani magquma eninjengamawundlu, na?


umhlaba wazamazama, izulu laconsa phambi kukaNkulunkulu, neSinayi lazamazama phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle,


Uyelulela isandla sakhe etsheni lensengetsha, agumbuqele izintaba kwasezimpandeni zazo.


Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.


Ngalokho uyazi imisebenzi yabo; uyabagumbuqela ebusuku, bachotshozwe.


Ngubani ongandulele ukuba ngimbuyisele na? Konke okuphansi kwezulu kungokwami.


Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubheke bonke abazidlayo, ubathobise.


Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.


Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite