Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 9:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla amakhulu, ngubani owake wamelana naye, waphumelela na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla emandleni; ngubani owazenza lukhuni kuye, waba nempumelelo?

Gade chapit la Kopi




UJobe 9:4
39 Referans Kwoze  

“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda.


Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,


ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


Uma kuyindaba yamandla, nangu onawo; uma yindaba yokwahlulela, ngubani ongimemayo na?


nokungubukhulu obumangalisayo bamandla akhe kithina esikholwayo, ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu


awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda,


Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


UDaniyeli wathatha wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;


Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.


owenzile izulu ngokuhlakanipha, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.


Unengalo njengoNkulunkulu, ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?


“Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.


akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha, ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu, ukuba kube kuhle kuwe, wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.


Lokho ngakube kuhlale kube yinduduzo yami, yebo, ngabe ngijabule ebuhlungwini obungahawukeliyo ukuthi angigodlanga amazwi oNgcwele.


Futhi bhekani, uNkulunkulu unathi, uyinhloko yethu, kanye nabapristi abaphethe amacilongo okuhlaba umkhosi ukuba bawakhalise ngani; bantwana bakwa-Israyeli, ningalwi noJehova uNkulunkulu wawoyihlo, ngokuba aniyikuphumelela.”


Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na? Cha, ubeyakubhekisa kimi.


Uyadonsa namaqhawe ngamandla akhe; uyavuka; akakho osenethemba lokuphila.


“Ukubusa nokwesabeka kukuye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.


UNkulunkulu uyaqonda indlela yakho; yena uyazi indawo yakho.


USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.


Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?


Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha, ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,


Ngakucupha, wabanjwa, Babele, ungakwazi; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.


UFaro wathumela; bheka, emfuyweni yakwa-Israyeli akufanga neyodwa; kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.


Ngobukhulu bobukhosi bakho uyachitha abakuvukelayo; uyathuma intukuthelo yakho, ibaqede njengamabibi.


wathi: “Jehova Nkulunkulu wawobaba, wena awusiye uNkulunkulu ezulwini, awusiye umbusi wemibuso yonke yabezizwe, na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akakho ongamelana nawe.


uphendulele kuNkulunkulu ukufutheka kwakho, ukhiphe amazwi emlonyeni wakho na?


Ungafaka igoda lomhlanga ekhaleni lakhe, ubhoboze umhlathi wakhe ngodobo, na?


“Wo kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba! Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho ukuthi: ‘Akanazo izandla,’ na?


UJehova wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite