Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 9:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “Imihla yami iyashesha kunesigijimi; iyabaleka ingabonanga okuhle.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 “Izinsuku zami ziyashesha ukwedlula umgijimi, ziyabaleka zingakubonanga okuhle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Manje izinsuku zami ziyashesha kunesigijimi; ziyabaleka, aziboni lutho oluhle.

Gade chapit la Kopi




UJobe 9:25
10 Referans Kwoze  

anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.


Khumbula ukuthi isikhathi sami singakanani nokuthi wadalela ize bonke abantwana babantu.


Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko, ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu; yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*


Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*


Zase ziphuma izigijimi zigibele amahhashi anejubane, amahhashi enkosi, zisheshiswa ziqhutshwa yizwi lenkosi; umthetho washaywa eShushani endlini yenkosi.


Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u-Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: “Nina bantwana bakwa-Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka noka-Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusibonisa okuhle na?” Jehova, phakamisa ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


“Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite