Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 9:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Noma ngilungile, umlomo wami uyakungilahla; noma ngingenacala, uyakuthi ngonakele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Nakuba ngilungile, umlomo wami uyakungilahla, noma ngimsulwa, uyakungibeka icala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Uma ngizilungisisa, umlomo wami uyakungilahla; uma ngithi: Ngiphelele, lokho kuyongifakazela ukuthi ngingalungile.

Gade chapit la Kopi




UJobe 9:20
24 Referans Kwoze  

‘UJobe ukhuluma engenalwazi; amazwi akhe awanangqondo.’


Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu.


nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo.


Wayesethi kubo: “Nina ningabazishaya abalungileyo emehlweni abantu; kepha uNkulunkulu uyazazi izinhliziyo zenu, ngokuba lokho okuphakemeyo phakathi kwabantu kuyisinengiso emehlweni kaNkulunkulu.


Kepha sona sithanda ukuzithetha sathi kuJesu: “Umakhelwane wami ngubani na?”


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”


Onenhliziyo ephambeneyo akafumani okuhle; onolimi oluyisigwegwe uwela engozini.


Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.


Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.


Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na?


uJobe uvulela ize umlomo wakhe; uyandisa amazwi engenalwazi.”


“Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo, kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na?


‘Umuntu ulungile kunoNkulunkulu na? Umuntukazana uhlambulukile kunoMenzi na?


Kwakukhona umuntu ezweni lase-Uzi ogama lakhe lalinguJobe; lowo muntu wayengenasici elungile, wayemesaba uNkulunkulu, wabalekela okubi.


Noma bengilungile, bengingenakumphendula, kepha nginxuse umahluleli wami.


Ngiyakulahlwa mina; ngikhandlekelani ize na?


ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami, ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.


Uma nginecala, maye kimi! Noma bengilungile, bengingayikuphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ngehlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.


Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, besewusibekela ukona kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite