Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 9:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 owenza izinto ezinkulu ezingenakukhohlweka, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Abenza izinto ezinkulu ezingaqanjwanga; yebo, nezimangaliso ezingenakubalwa.

Gade chapit la Kopi




UJobe 9:10
14 Referans Kwoze  

yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,


Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, onguye yedwa owenza izimangaliso.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,


Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.


yona engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho, nensindiso yakho lonke usuku; ngokuba anginakukubala.


USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.


“Ngubani onjengawe Jehova phakathi kwawonkulunkulu; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezibongo, owenza izimangaliso, na?


Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.


UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite