Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 8:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Abakuzondayo bayakwembeswa amahloni; itende lababi aliyobe lisabakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Abakuzondayo bayothelwa ngehlazo; ithende lezikhohlakali alisayukuba bikho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Abakuzondayo bayokwembathiswa ihlazo; futhi indawo yokuhlala yababi iyochithwa.

Gade chapit la Kopi




UJobe 8:22
17 Referans Kwoze  

Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo, kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesambatho.


Mabajabhe, babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami; abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.


Uyakuhlwithwa etendeni lakhe alethembayo, ayiswe enkosini yengebhe.


Uma echithwa endaweni yakhe, iyakumala ngokuthi: ‘Angizange ngikubone.’


Awuthetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami, na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo, bafe bengazelele, na?’


Uyakwencika endlini yakhe, kepha ayiyikuma; uyakubambelela kuyo, kepha ayiyikuqina.


Wayesephendula uJobe ethi:


Ngokuba ibandla labangenaNkulunkulu liyakuba yinyumba, umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo.


Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu, liphi itende lokuhlala kwababi, na?’


Akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.


Inkosi iyakulila, isikhulu siyakwembatha incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyakuhlushwa; ngiyakwenza kubo njengezindlela zabo, ngibahlulele njengezimfanelo zabo, bazi ukuthi nginguJehova.”


Zonke izikhulu zolwandle ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, zikhumule izingubo zazo, zihlubule izambatho zazo ezifekethisiweyo, zembathe ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalonjalo, zimangale ngawe.


Indlu yababi iyachithwa, kepha itende labaqotho liyahluma.


‘Ngiyakusiphumisa,’ usho uJehova Sebawoti, ‘singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami, sihlale phakathi kwendlu yakhe, siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite