Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 7:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Awuthetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami, na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Awusithetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini, uyakungifuna, kepha angiyukuba bikho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Futhi kungani ungathetheleli isiphambeko sami futhi ususe ububi bami na? ngokuba manje ngiyakulala othulini; niyongifuna ekuseni, kodwa ngibe ngingasekho.

Gade chapit la Kopi




UJobe 7:21
29 Referans Kwoze  

Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.


Uma ngona, uyangiqaphela; awuyikuthethelela ukona kwami.


Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.


Ungathukutheli kakhulu, Jehova, ungakhumbuli njalo ububi. Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.


Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.


owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.


Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe.


Thabathani amazwi, nibuyele kuJehova, nithi kuye: “Susa konke okubi, wamukele okuhle, sinikele ngemilomo yethu njengangezinkunzi.


Kepha abafileyo bakho bayakubuye baphile, izidumbu zabo zivuke. Phaphamani, nijabule nina enihlala othulini, ngokuba amazolo akho angamazolo okukhanya, nomhlaba uyakubakhipha abafileyo.


Izinsuku zomuntu zinjengotshani; uyakhahlela njengembali yasendle.


kwathi lapho umuntu edlula, bheka, wayengasekho; ngamfuna, kepha akabe esafunyanwa.


ngibize ukubola ngokuthi ubaba nezimpethu ngokuthi umame nodadewethu,


Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba; pho, uyakungibuyisela othulini na?


Iso longibonayo alisayikungibuka; amehlo akho esekimi, angisekho.


Ngokuba kalokhu ngakube ngilele, ngithule; khona ngakube ngilele ubuthongo nginokuphumula


UDavide wahlabeka enhliziyweni emva kokuba esebabalile abantu. UDavide wathi kuJehova: “Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.”


Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:


ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami, ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.


Ngubani oyakuphikisana nami na? Ngokuba lapho bengiyakuthula, ngigqabuke.


Uyalala enothile, angakuphindi kodwa; uyavula amehlo akhe, abe engasekho.


Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.


Kepha umuntu ofileyo uphelile; umuntu ogqabukileyo uphi na?


Uyakundiza njengephupho, angabe esafunyanwa; uyakuxoshwa njengombono wasebusuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite