Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 7:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngiyanengwa yiwo; mangingahlali njalo; ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngiyakuzonda ukuphila kwami, angiyukuhlala njalo, ngiyeke, ngokuba imihla yami iyize.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngiyanengwa; angiyikuphila njalo: ake ngime; ngoba izinsuku zami ziyize.

Gade chapit la Kopi




UJobe 7:16
22 Referans Kwoze  

“Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami; ngiyazinikela ekukhaleni, ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.


Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.”


Kwathi ekuphumeni kwelanga uNkulunkulu walungisela umoya oshisayo wasempumalanga; ilanga lashaya ekhanda likaJona, waba nesiyezi, wazicelela ukuba afe, wathi: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Yeka ukungibuka, ngize ngincibilike, ngingakamuki lapha, ngingabe ngisabakho.”


ungambheki, aphumule, ukuze athokoze ngosuku lwakhe njengomqashwa.


Imihla yami ayiyingcosana na? Makapheze, angiyeke ukuba ngithokoze kancane,


Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami; anginanzi ukuphila kwami.


Yebo, sengathi uNkulunkulu angangichoboza, athukulule isandla sakhe, anginqume.


ngalokho, Jehova, ake ususe kimi ukuphila kwami, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”


Umuntu ufana nomoya; izinsuku zakhe zinjengethunzi elidlulayo.


Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.


Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.


Susa kimi ukushaya kwakho, ngokuba ngiyaqedwa ngukushaywa yisandla sakho.


URebeka wayesethi ku-Isaka: “Ngidiniwe ukuphila ngenxa yamadodakazi kaHeti; uma uJakobe ethatha umfazi kuwo amadodakazi kaHeti onjengalawa, kuwo amadodakazi aleli zwe, kuyakungisiza ngani ukuphila na?”


Khumbula ukuthi ukuphila kwami kungumoya; iso lami aliyikubuye libone okuhle.


ukuze umphefumulo wami ukhethe ukuklinywa nokufa kunalawa mathambo ami.


Wakhumbula ukuthi bayinyama, bangumoya odlulayo ongabuyiyo.


Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke, lapho ngiyixoshele khona, usho uJehova Sebawoti.’


“Impela umuntu uhamba njengesithunzi nje; impela uzikhathaza ngokuyize nje; unqwabela imfuyo, kepha akazi ukuthi ngubani ozakuyibutha.


Ngase ngizonda ukuphila, ngokuba umsebenzi owenziwa phansi kwelanga mubi kimi, lokhu konke kuyize nokufuna umoya nje.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite