Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 7:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “Ngalokho nami angiyikubamba umlomo wami; ngiyakukhuluma osizini lomoya wami, ngikhale ngomunyu womphefumulo wami.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “Ngakho-ke nami angizukuwunqanda umlomo wami, ngizokhuluma nginobuhlungu emoyeni wami, ngikhononde ngomunyu emphefumulweni wami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngakho-ke angiyikubamba umlomo wami; Ngiyakukhuluma ekuhluphekeni komoya wami; ngiyakukhononda ngomunyu womphefumulo wami.

Gade chapit la Kopi




UJobe 7:11
20 Referans Kwoze  

Ngishumayelile ukulunga ebandleni elikhulu; bheka, angizivalanga izindebe zami; Jehova, wena uyakwazi.


“Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami; ngiyazinikela ekukhaleni, ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.


Umphefumulo wakhe wawunomunyu, wakhuleka kuJehova, wakhala kakhulu.


Bheka, kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu; wena wawuthanda umphefumulo wami, waze waphuma egodini lokubhujiswa, ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.


Ngingakhuluma ngithini na? Ukhulumile kimi, ukwenzile yena. Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka ngomunyu womphefumulo wami.


Omunye ufa enomphefumulo onomunyu, engazange adle okuhle.


Ngokuba ngosizi olukhulu nangobuhlungu benhliziyo nganilobela nginezinyembezi eziningi, kungabi ngukuba nidabukiswe, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


“Noma ngikhuluma, ubuhlungu bami abudanjiswanga; noma ngiyeka, kuyini okumuka kimi na?


“Thulani, ningiyeke ukuba ngikhulume, kungehlele noma yini.


Uma nginecala, maye kimi! Noma bengilungile, bengingayikuphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ngehlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.


Nicabanga yini ukusola amazwi, lokhu ukukhuluma kophelelwa ithemba kungumoya nje na?


Base bethi omunye komunye: “Impela sitholile icala ngomfowethu, njengokuba sabona usizi lwenhliziyo yakhe, esincenga, kasamlalela; ngalokho lolu sizi selufike phezu kwethu.”


Inhliziyo yami yavutha phakathi kwami; kwaphembeka umlilo ngisazindla; ngakhuluma ngolimi lwami.


Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami, ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,


“Nanamuhla ukukhala kwami kumunyu; isandla sami siyasinda ngokububula kwami.


Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini, ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite