Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 6:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Umphefumulo wami uyala ukukuthinta, kungukudla okunengekayo kimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Umphefumulo wami uyenqaba ukukuthinta, kungukudla okunengekayo kimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Izinto umphefumulo wami owale ukuzithinta zinjengenyama yami elusizi.

Gade chapit la Kopi




UJobe 6:7
11 Referans Kwoze  

Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.


Wathi futhi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusalema, badle isinkwa ngesilinganiso ngokwesaba, baphuze amanzi ngesilinganiso ngokumangala


Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.”


Ngokuba ngidlile umlotha njengesinkwa, nophuzo lwami ngiluxubanisile nezinyembezi.


Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami, nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,


uthi: ‘Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.’ ”


Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.”


Okudumayo kungadliwa ngaphandle kukasawoti na? Kukhona ukuklwabusa kokumhlophe kweqanda na?


“Sengathi isicelo sami singenziwa, uNkulunkulu angiphe lokhu engikubhekayo.


Inhliziyo iyanengwa ngukudla, nomphefumulo wakhe uzonda ukudla okade ukufisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite