Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi, ubuthi bayo buphuzwa ngumoya wami, ukwesabisa kukaNkulunkulu kunami shaqa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba imicibisholo kaSomandla iphakathi kwami, okuphuza umoya wami okubuhlungu; izesabiso zikaNkulunkulu zingihlelele.

Gade chapit la Kopi




UJobe 6:4
30 Referans Kwoze  

Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile; isandla sakho singicindezele kanzima.


Ingebhe ithululwa phezu kwami; njengomoya luyaxoshwa udumo lwami; inhlalakahle yami iyadlula njengefu.


Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe, kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?


Shesha ungiphendule, Jehova; umoya wami uyaphela; ungangifihleli ubuso bakho, funa ngifane nabashona egodini.


Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”


Uyangilimaza ngesiphepho; uyandisa amanxeba ami ngeze.


Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi, siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.


Imicibisholo yakho ibukhali, izizwe ziyawa phansi kwakho; isenhliziyweni yezitha zenkosi.


Ngokuba uyakubafulathelisa; ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.


Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula, nemibani eminingi, wabadidizelisa.


izikhali zokubulala azibhekisele kuye; imicibisholo uyenza ishise.


Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu; ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.


Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo, bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.


“Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi, inkemba yami idle inyama, ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa, kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.


Wathi kubo: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi;* ngibizeni ngokuthi uMara,* ngokuba uSomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu.


Uyakumunca isihlungu samabululu; ulimi lwenyoka luyakumbulala.


Phezu kokwahlulelwa kwami ngishaywa onamanga; inxeba lami alinakupholiswa, noma ngingenasiphambeko.’


Njalo lapho sidabula, siyakunibamba, ngokuba siyakudabula ukusa ngokusa imini nobusuku,” kube ngukwesaba kuphela, lapho umbiko uqondwa.


Yansala umnsalo wayo njengesitha, yema njengomelene nathi ngesokunene sayo, yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu. Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.


Noma ngonile, ngenzeni kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yisigcibisholo sakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi, na?


Ulaka lwakhe luyangidwengula, lungizingele; uyangigedlela amazinyo; isitha sami singicijisela amehlo aso.


Amabutho akhe afika kanyekanye, alungise indlela ukuba angisukele; amisa nxazonke zetende lami.


Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.


Inhliziyo iyazi ubumunyu bayo; umfokazi akahlanganyeli intokozo yayo.


Impela uyangiphendulela isandla sakhe ephinda njalo zonke izinsuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite