Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 6:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Lokho ngakube kuhlale kube yinduduzo yami, yebo, ngabe ngijabule ebuhlungwini obungahawukeliyo ukuthi angigodlanga amazwi oNgcwele.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Lokho bekuyoba yinduduzo kimi, bengiyojabuliswa yizinhlungu ezingapheliyo, ngokuba angiwagodlanga amazwi oNgcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Khona bengiyakududuzeka; yebo, bengizozenza lukhuni ngosizi; makangayeki; ngoba kangiwafihlanga amazwi oNgcwele.

Gade chapit la Kopi




UJobe 6:10
27 Referans Kwoze  

Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


“Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyakuba ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.


Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha; emaceleni onke nangaphakathi zigcwele amehlo; kazikhawuli imini nobusuku ukuthi: “Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona nokhona nozayo.”


“Nakuyo ingelosi yebandla laseFiladelfiya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ongcwele, oqinisileyo, onesihluthulelo sikaDavide, ovula kungavali muntu, novalayo kungavuli muntu, uthi:


Yena ongayigodlanga eyakhe iNdodana, kepha wayinikela ngenxa yethu sonke, kungaba kanjani ukuba angasiphi konke kanye nayo na?


Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu.


nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu,


UNkulunkulu uvela eThemani, oNgcwele uphuma entabeni yasePharanu. Sela* Udumo lwakhe lusibekela amazulu, nomhlaba ugcwele indumiso yakhe.


Wena Jehova Nkulunkulu wami, oNgcwele, awungowasendulo na? Asiyikufa; Jehova, usinqumele ukwahlulelwa; wena Dwala, usimisele ukujeziswa.


Angiyikwenza ukufutheka kwentukuthelo yami, ngingabuyeli ukumchitha u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu; ngingoNgcwele phakathi kwenu, angiyikufika ngolaka.


Ngomlomo wami ngimemezele zonke izahlulelo zomlomo wakho.


Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha; ulimi lwakhe lukhuluma ukulunga.


Mawamukele umthetho emlonyeni wakhe, ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho.


Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye; bonke abantu bayakudonswa emva kwakhe, njengokuba bengenakubalwa nababe phambi kwakhe.


Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,


abathokoza baze bethabe, bajabule, uma belithola ithuna,


“Akakho ongcwele njengoJehova, ngokuba akakho noyedwa ngaphandle kwakho; futhi alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.


uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu.


Ngokuba uthi: ‘Ukufundisa kwami kulungile; ngimhlophe emehlweni akho.’


Zincane yini kuwe izinduduzo zikaNkulunkulu, nezwi elikhulunywa kahle kuwe na?


Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.


Lokhu kuyinduduzo ekuhluphekeni kwami, ngokuba izwi lakho lingiphilisile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite