Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 5:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Uyakwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba nkulu, abantwana bakho babe njengotshani bomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Uyokwazi ukuthi izizukulwane zakho ziyakuba ziningi, nabozalo lwakho babe njengotshani emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Uzakwazi futhi ukuthi inzalo yakho izakuba nkulu, lenzalo yakho ibe njengotshani bomhlaba.

Gade chapit la Kopi




UJobe 5:25
11 Referans Kwoze  

Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni; isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.


Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.


“Iyakubusiswa inzalo yesisu sakho, nezithelo zomhlaba wakho, nenzalo yezilwane zakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.


Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”


“ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.


nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi, nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso; igama lakhe nga linganqunywanga, lachithwa ngaphambi kwami.”


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite