Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 5:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo, yebo, abampofu esandleni sonamandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Kepha abantulayo uyabasindisa enkembeni yemilomo yabo, nasesandleni sonamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa uyasindisa ompofu enkembeni, emlonyeni wabo nasesandleni sabanamandla.

Gade chapit la Kopi




UJobe 5:15
19 Referans Kwoze  

Onke amathambo ami azakuthi: “Jehova, ngubani onjengawe, wena okhulula ohluphekayo, yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”


Ngiyazi ukuthi uJehova uyakumela udaba lohluphekayo nokufaneleyo kwabampofu.


Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.


Nokho waphakamisa ompofu, wamkhipha osizini, enza imindeni njengomhlambi.


Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo.


Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo


Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane.


Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela, namazinyo amabhongo ayaphuka.


Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango; amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.


Uyakufihlwa enkalivasini* yolimi; awuyikwesaba lapho kufika ukuchitha.


Ngaphula imihlathi yowonayo, ngahlwitha impango emazinyweni akhe.


baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.


ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu, abantu bacushwe.


Akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.


Ukhulula ompofu ngobumpofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka.


Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo, nengalo ephakemeyo yaphuliwe.


UNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:


UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite