Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 5:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Uyachitha amacebo abanobuqili, ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Ubhuntshisa amacebo abanobuqili, ukuze izandla zabo zingabi nampumelelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uyawashafisa amacebo obuqili, ukuze izandla zabo zingakwazi ukwenza umsebenzi wabo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 5:12
23 Referans Kwoze  

Ngokuba babehlosa okubi, baceba icebo; kepha bayahluleka.


Lulekanani nokululekana, kepha kuyakuchithwa; khulumani izwi, kodwa aliyikuma, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Ngokuba izingalo zababi ziyakwaphulwa, kepha uJehova uyabaphasa abalungileyo.


UPetru esesangulukile wathi: “Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo, yangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.”


Kwathi izitha zethu sezizwile ukuthi kwazeke kithi nokuthi uNkulunkulu wayeshafisile icebo labo, sabuyela sonke ogangeni, kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.


Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.


Ngokuba ububi bakho buyafundisa umlomo wakho; ukhetha ulimi lwabanobuqili.


oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga, enze ababhuli ukuba bahlanye, obuyisela emuva abahlakaniphileyo, enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;


“ ‘Ningasho kanjani, nithi: “Sihlakaniphile, umthetho kaJehova unathi,” na? Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhali lusebenzile okwamanga.


“Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa-Edomi ngalolo suku,” usho uJehova, “nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na?


Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.


Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha, baphuma eKeyila, bahamba lapho bebenokuhamba khona. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma.


Kepha u-Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.


U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.


Umuntu lowo kaNkulunkulu wathumela enkosini yakwa-Israyeli, wathi: “Qaphela ukuba ungadluli kuleyo ndawo, ngokuba ama-Aramu aseyaphumula khona.”


Kepha sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabamisela abalindi imini nobusuku ngenxa yabo.


Amehlo kaJehova anaka onokwazi, kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.


Ngo-Edomi. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Akusekho ukuhlakanipha eThemani na? Amasu aphelile kwabaqondileyo, ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite