Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 42:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Emva kwalokho uJobe wayesekhona iminyaka eyikhulu namashumi amane, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe kwaze kwaba yizizukulwane ezine.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Emveni kwalokho uJobe waphila iminyaka eyi-140, wabona amadodana akhe namadodana amadodana akhe, kwaze kwaba yizizukulwane ezine.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngemva kwalokho uJobe waphila iminyaka eyikhulu namashumi amane, futhi wabona amadodana akhe namadodana akhe, izizukulwane ezine.

Gade chapit la Kopi




UJobe 42:16
13 Referans Kwoze  

Abantwana babantwana bangumqhele wabadala, nodumo lwabantwana lungoyise.


Uyakubona abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


UJosefa wabona abantwana bakwa-Efrayimi besizukulwane sesithathu; nabantwana bakwaMakiri indodana kaManase bazalelwa emathangeni kaJosefa.


Wayesefa uJosefa eneminyaka eyikhulu neshumi; bamgqumisa ngemithi, wafakwa ebhokisini eGibithe.


UJakobe wahlala ezweni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe, zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.


Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka-Abrahama azihambayo: iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu.


Kwathi emva kwalezo zinto uJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.


Izinsuku zeminyaka yethu zineminyaka engamashumi ayisikhombisa; kuthi uma ziziningi, zineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; nokho ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize, ngokuba zidlula masinyane, thina siyandiza, simuke.


UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi.


Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.


Izinsuku zikaThera zaziyiminyaka engamakhulu amabili nanhlanu; uThera wafela eHarana.


Ezweni lonke akufunyanwanga abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo.


Wafa-ke uJobe esemdala, esanelisiwe yizinsuku.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite