Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 42:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ababazana naye ngaphambili, badla endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona, yilowo nalowo wamnika uhlamvu lwemali necici legolide.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Kwase kufika kuye bonke abafowabo, nabo bonke odadewabo, nabo bonke ayazana nabo phambilini, badla isinkwa naye endlini yakhe; bamkhalela, bamduduza ngakho konke okubi uSimakade ayemehlisele khona. Bamnika yilowo nalowo uhlamvu lwemali necici legolide.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Khona-ke bonke abafowabo nabo bonke odadewabo nabo bonke abazana naye beza kuye badla isinkwa naye endlini yakhe; bamlilela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona; bamnika, kwaba yilowo nalowo uhlamvu lwemali, kwaba yilowo nalowo icici legolide.

Gade chapit la Kopi




UJobe 42:11
18 Referans Kwoze  

Lapho abangane abathathu bakaJobe sebezwe ngakho konke lokho okubi okumehleleyo, bafika kuye bevela, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe: ngu-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama; bavumelana ukuba baye bamkhalele, bamduduze.


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.


Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:


Ngakho-ke qinisani izandla ezibuthakathaka namadolo axegayo,


Bakhumbuleni ababoshiweyo kungathi niboshiwe kanye nabo, nabaphethwe kabi, njengalokhu nani nisemzimbeni.


Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Benginganiqinisa ngomlomo, induduzo yezindebe zami inidambise.


Amazwi akho amisile okhubekayo; usimamisile amadolo athuthumelayo.


Kepha abantu ababi bathi: “Uyakusisindisa kanjani lowo na?” Bamdelela, abamnikanga isipho. Kepha wathula.


Amathambo kaJosefa akhushulwa eGibithe ngabantwana bakwa-Israyeli, bawembela eShekemi esiqeshini sezwe asithengayo uJakobe kumadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu, laba ifa labantwana bakwaJosefa.


Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.


Inceku yakhipha izinto zesiliva nezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.


Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo.


Ompofu uyazondwa nangumakhelwane wakhe, kepha ocebileyo unabaningi abamthandayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite