Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 42:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UJehova wambuyisa uJobe ekuhluphekeni, lapho ekhulekela abangane bakhe; wenezela kukho konke uJobe ayenakho ngokukuphinda kabili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 USimakade wakuphendula ukuhlupheka kukaJobe ngesikhathi ekhulekela abangani bakhe. Konke uJobe ayenakho uNkulunkulu wakwenezela ngokuphindwe kabili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UJehova waguqula isimo sikaJobe lapho ekhulekela abangane bakhe; uJehova wamnika uJobe okuningi kwalokho ayenakho ngaphambili.

Gade chapit la Kopi




UJobe 42:10
34 Referans Kwoze  

khona uJehova uNkulunkulu wakho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.


Qungani iJerusalema isibindi, nimemeze kulo ukuthi ukulwa kwalo sekuphelile nokuthi buhlanguliwe ububi balo, ngokuba lamukeliswe esandleni sikaJehova ngokuphindiweyo ngazo zonke izono zalo.


Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindweyo; abadumeleyo, ukujabula kuyakuba yisabelo sabo; ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo, intokozo engapheliyo ibe ngeyabo.


Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.


Sengathi ukusindiswa kuka-Israyeli kungavela eSiyoni. Mhla uJehova ebuyisa ukuthunjwa kwabantu bakhe uJakobe uyakwethaba, u-Israyeli ajabule.


Lapho uJehova abuyisa ukuthunjwa kweSiyoni, sasinjengabaphuphayo.


Isandla sami asikwenzanga konke lokho na?’


Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.


‘Ngelami isiliva, ngelami igolide,’ usho uJehova Sebawoti.


UJehova wathukuthelela kakhulu u-Aroni ukuba ambhubhise; ngamkhulekela u-Aroni ngaleso sikhathi.


UMose wakhala kuJehova, wathi: “O Nkulunkulu, mawumphulukise, ngiyakuncenga.”


Bathi: “Imbala uJehova ukhulumile kuMose kuphela na? Akakhulumanga nakithi na?” UJehova wakuzwa.


Wayeseguqa phansi, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkosi, ungababaleli lesi sono.” Eseshilo lokho walala ubuthongo.


U-Amasiya wayesethi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Kepha siyakwenze njani ngamatalenta* ayikhulu engiwanike impi yakwa-Israyeli na?” Umuntu kaNkulunkulu wathi: “UJehova unamandla okukunika okuningi kunalokho.”


“Sase sithi: ‘Njalo ngiyakucela, baba, ukuba umthumele endlini kababa,


UJehova uyaphofisa, abesecebisa; uyathobisa, abesephakamisa.


Kepha womkhumbula uJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba nguyena okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe asifungela oyihlo njenganamuhla.


U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki nomkakhe nezincekukazi zakhe, baze bazala.


Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli.


Sengathi kungavela ukusindiswa kuka-Israyeli eSiyoni. Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe, uJakobe ethabe, u-Israyeli ajabule.


Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


Uyamvusa ompofu othulini, uyaphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.


Wazala amadodana ayisikhombisa namadodakazi amathathu.


Base behamba u-Elifazi umThemani, noBilidadi umShuhi, noSofari umNahama, benza njengokukhuluma kukaJehova kubo; uJehova wavuma-ke ubuso bukaJobe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite