Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 40:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Imbala uyachitha ukwahlulela kwami, ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Uyakuchitha yini ukwehlulela kwami, ungilahla ngecala ukuze wena ube ngolungileyo na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Niyakuchitha nokwahlulela kwami na? Uzangilahla yini, ukuze ulunge?

Gade chapit la Kopi




UJobe 40:8
20 Referans Kwoze  

Qha nakanye; kepha makube ngukuthi: UNkulunkulu uqinisile, wonke umuntu ungumqambimanga, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ukuze uthiwe ungolungileyo emazwini akho, unqobe ekwahlulelweni kwakho.”


Futhi isivumelwano senu nokufa siyakuchithwa, nokuvumelana kwenu nendawo yabafileyo akuyikuma; lapho isiswebhu esikhukhulayo sidlula, niyakunyathelwa phansi yiso.


Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu.


Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kwamasu ababi, na?


Ngokuba umthetho wokuqala uyachithwa ngenxa yobuthakathaka bawo nokungasizi kwawo,


Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso;


Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu: nokuba kuyintando yokugcina yomuntu eyaqiniswayo, akakho oyichithayo noma enezele kuyo.


Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile; ngubani ongakuchitha na? Isandla sakhe singeseluliweyo; ngubani ongasibuyisa na?


Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho.


noma ukwazi ukuthi angimubi nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.


Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami; ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.


UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo, angiphonse esandleni sababi.


yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele, ungihaqe ngenetha.


Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na? Uyakumlahla olungileyo nonamandla


“Wo kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba! Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho ukuthi: ‘Akanazo izandla,’ na?


Lawo madoda amathathu ayeseyeka ukumphendula uJobe, ngokuba wayelungile emehlweni akhe.


Ngikhumbuze, masahlulelane; yisho wena ukuba ulungisiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite