Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 40:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Osolayo uyakuphikisana noSomandla na? Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Ofuna amaphutha angaphikisana yini noSomandla na? Lowo oqagulisana noNkulunkulu, makaphendule.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ophikisana noSomandla angamfundisa na? osola uNkulunkulu makaphendule.

Gade chapit la Kopi




UJobe 40:2
35 Referans Kwoze  

Ngokuba ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na? Kepha thina sinomqondo kaKristu.


Walulekana nobani waze wamqondisa, wamfundisa indlela yokwahlulela, wamnika ukwazi, wamazisa indlela yokuqonda, na?


Umphikiselani ngokuthi: Akaphenduli nelilodwa lamazwi ami.


Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu,


Ongithethayo useduze; ngubani ongamelana nami na? Masivuke kanyekanye; ngubani omangalelana nami na? Makasondele kimi.


“Kuyini kini ukuba nilinganise ngalesi saga ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: “ ‘Oyise badlile izithelo zomvini ezimuncu, amazinyo abantwana aba bushelezi,’ na?


“Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulelwa kwami, noSomandla owenze munyu umphefumulo wami,


Uma efuna ukuthetha amacala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.


nomuntu ondlela yakhe isithekile, uNkulunkulu ambiyeleyo nxazonke zakhe, na?


“Odiniweyo unikelwani ukukhanya nabanomunyu emphefumulweni ukuphila;


Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?


Okukhona kwake kwabizwa ngegama; kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini; akanakwahlulelana nonamandla kunaye.


Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya; ngamandla esandla sakho uyangizingela.


Ngilulwandle yini, ngingumkhomo yini, ukuze ungibekele abalindi?


Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?


Kepha ngiyakukhuluma kuSomandla; ngifuna ukuphikisana noNkulunkulu.


ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe, ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.


sengathi angaba khona ongizwayo nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla – ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!


UJehova wayesemphendula uJobe, wathi:


UJobe wamphendula uJehova, wathi:


Ngakucupha, wabanjwa, Babele, ungakwazi; wafunyanwa, wabanjwa, ngokuba ulwile noNkulunkulu.


Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite