Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 40:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Bheka bonke abaziphakamisayo, ubehlise phansi, unyathele ababi ezindaweni zabo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Babheke bonke abaziphakamisayo, ubehlisele phansi, unyathele phansi izikhohlakali ezindaweni zazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Bheka wonke umuntu ozidlayo, umthobise; futhi ninyathele ababi esikhundleni sabo.

Gade chapit la Kopi




UJobe 40:12
20 Referans Kwoze  

“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami, ngazingcolisa zonke izambatho zami.


Niyakunyathela phansi ababi, ngokuba bayakuba luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo,” usho uJehova Sebawoti.


ukuba athathe isikhundla sale nkonzo nobuphostoli aphambuka kuso uJuda ukuya endaweni yakhe.”


Bayakuba njengamaqhawe anyathela udaka ezitaladini ekulweni; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.


Ngiyakulijezisa izwe ngobubi balo, nababi ngezono zabo, ngenze ukuba kuphele ukuzidla kwabaziqhenyayo, ngithobise ukuziphakamisa kwabacindezeli.


Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu, ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami ukuba liphange impango, liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.


Uma amafu egcwele imvula, ayayithulula emhlabeni; futhi uma kuwa umuthi ngaseningizimu noma ngasenyakatho, endaweni lapho uwa khona umuthi, uyakuba lapho.


Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula, kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.


NgoNkulunkulu siyakwenza izenzo zamandla; yena uyakunyathela phansi izitha zethu.


Ungafisi ubusuku, lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo.


UJehova uyaphofisa, abesecebisa; uyathobisa, abesephakamisa.


Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.


Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo, naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe,


Ngiyakukuhlohloloza esikhundleni sakho, ngikuwise endaweni yakho.


NguJehova Sebawoti okucebileyo ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.


Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu, ukuziphakamisa kwakhe, nokuzidla kwakhe, nokuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.


nansi incazelo, nkosi: kuyisimemezelo soPhezukonke esiyehlele inkosi yami, inkosi,


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


Kepha lapho inhliziyo yakhe yaziphakamisa, nomoya wakhe waba lukhuni waze wazidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


Phakama, Mahluleli womhlaba, uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite