Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJobe 40:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubheke bonke abazidlayo, ubathobise.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubabheke bonke abazidlayo, ubathobise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Lahla ukufutheka kwentukuthelo yakho, ubuke bonke abazidlayo, ubathobe.

Gade chapit la Kopi




UJobe 40:11
34 Referans Kwoze  

Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa, nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa, kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku,


Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”


“Ngithi kini: Lo wehlela endlini yakhe elungisisiwe kunomunye. Ngokuba yilowo nalowo oziphakamisayo uzakuthotshiswa, kodwa ozithobayo uzakuphakanyiswa.”


“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.


“Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile, wathi: “Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkulu enhliziyweni yolwandle,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu


Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, namandla empi; kwamvuthela nxazonke, kepha akakwazanga; kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.


Imibani mayinyazime, ubahlakaze; thuma imicibisholo yakho, ubaphithizise.


Uyacibishelwa engahawukelwa; uyabaleka nokubaleka esandleni sakhe.


Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


Kalokhu ngiyazi ukuthi uJehova mkhulu kunabo bonke onkulunkulu, yebo, kulokhu ababebagabisela ngakho.”


“Isandla sakho sokunene, Nkosi, sidumisekile ngamandla aso; esokunene sakho, Nkosi, siyaphahlaza isitha.


Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu; ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.


bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujiswa nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?


Ngiyakukuhlohloloza esikhundleni sakho, ngikuwise endaweni yakho.


NguJehova Sebawoti okucebileyo ukuba konakaliswe ukuziphakamisa kwabo bonke ubukhosi, badeleleke bonke abadumileyo bomhlaba.


Noma elula izandla zakhe phakathi kwawo njengohlambayo elula ukuba ahlambe, uyakuthobisa ukuziphakamisa kwakhe kanye nobuhlakani bezandla zakhe.


Ngokuba uthobisile ababehlezi phezulu, umuzi ophakemeyo; uyawubhidliza, uyawubhidliza kuze kube semhlabathini, awusondeze nasothulini.


Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu, ukuziphakamisa kwakhe, nokuzidla kwakhe, nokuziqhenya kwakhe, nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.


nansi incazelo, nkosi: kuyisimemezelo soPhezukonke esiyehlele inkosi yami, inkosi,


Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni.


yena ogudluza izintaba ngokungazeleli, ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;


Phakama, Mahluleli womhlaba, uphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite